Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 22:7 - IsiZulu 2020

7 Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ocebileyo ubusa ompofu, nobolekayo yisigqila somboleki.

Gade chapit la Kopi




IzAga 22:7
16 Referans Kwoze  

Owesifazane othile owayegane omunye wamadodana abaphrofethi, waya ku-Elisha wakhala, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile, uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uSimakade. Kufike umtshelekisi, ufuna ukuzithathela abafana bami ababili ukuze babe yizigqila.”


Ocindezela ompofu ukuze azicebise yena, nopha ocebileyo, kuholela ebuphofini.


Ompofu ukhuluma ngokuncenga, kepha isicebi siphendula ngesankahlu.


Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?


Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.


Ungamqoli ompofu ngoba ubona ubuphofu bakhe; ungamcindezeli ohluphekile esangweni,


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.


Wozani manje nina bacebileyo; khalani, nikhihle isililo ngenxa yezinhlupheko ezizakunehlela.


ukuba kuthengwe abampofu ngesiliva nabantulayo ngezimbadada, sithengise nangomuhu wokusanhlamvu.”


Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo, niqede nya abasweleyo bezwe,


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Njengoba kuyakuba njalo kubantu, kuyakuba njalo nakubaphristi; njengoba kuyakuba njalo nasesigqileni, kuyakuba njalo nakumniniso; njengoba kunjalo encekukazini, kuyakuba njalo nasenkosikazini; njengoba kunjalo kumthengi, kuyakuba njalo nakumthengisi; njengoba kunjalo kobolekisayo, kuyakuba njalo nakobolekayo; njengoba kunjalo kokweletisayo, kuyakuba njalo nakokweletayo.


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Israyeli, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathengise olungileyo ngesiliva, nompofu ngezimbadada ezimbili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite