Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 22:4 - IsiZulu 2020

4 Umvuzo wokuthobeka nokwesaba uSimakade wudumo, nengcebo nokuphila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuthobeka nokumesaba uJehova kuyingcebo nodumo nokuphila.

Gade chapit la Kopi




IzAga 22:4
17 Referans Kwoze  

Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.


Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Impilo ende isesandleni sakho sokunene, kwesokhohlo sakho kukhona ingcebo nodumo.


Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.


Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambukileyo, kodwa ogcina umphefumulo wakhe uhambela kude nakho.


Impakamo yomuntu iyomqumba phansi, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uSimakade uyakudunyiswa.


Ngaso leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami, nobukhosi bami, nobuhle bami babuyela kimi, kwaba ludumo lombuso wami; abomkhandlu wami nezinduna zami bangifuna; ngase ngibekwa embusweni wami, kwenezelelwa ubukhulu obedluleleyo kimi.


Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni; onakho uhlala enelisiwe, akehlelwa ngokubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite