Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 21:5 - IsiZulu 2020

5 Izinhlelo zokhutheleyo ziholela enzuzweni, kodwa wonke ophangisayo ziyomyisa ebuphofini bodwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni, kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Imicabango yabakhutheleyo iba yichichima kuphela; kodwa wonke ophangisayo uswela kuphela.

Gade chapit la Kopi




IzAga 21:5
10 Referans Kwoze  

Isandla esidembeselayo siletha ubuphofu, kodwa esikhutheleyo siyacebisa.


Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.


Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.


Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.


Umuntu onomona uyashesha ukuceba, kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.


Ifa elitholwe ngokuphazima kweso, aliyukuphetha ngesibusiso.


Futhi akukuhle ukuba umuntu angabi nalwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.


Uyambona umuntu oshesha ukukhuluma, ungcono umuntu oyisiwula kunaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite