Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 21:4 - IsiZulu 2020

4 Amehlo aziqhenyayo, inhliziyo eqhoshayo, nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amehlo aziphakamisayo, nokuzidla kwenhliziyo, negeja lababi kuyisono;

Gade chapit la Kopi




IzAga 21:4
20 Referans Kwoze  

Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Ngamehlo azidlayo, ulimi lwamanga, izandla ezichitha igazi elingenacala;


Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


kodwa ongabazayo, nxa edla, wehlulelwe, ngokuba konke okungaveli ekukholweni, kuyisono.


“Ngithi kini: lo wabuyela ekhaya elungisisiwe kunomFarisi. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo, uzakuthotshiswa; kodwa ozithobayo, uzakuphakanyiswa.”


USimakade wathi: “Ngenxa yokuziphakamisa kwamadodakazi aseZiyoni, ahamba elule izintamo, ecwayizisa amehlo, eshayela phezulu, ekhencezisa amadavathi ezinyawo zawo;


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Kunesizukulwane esiziqhenya kakhulu, futhi singamaqhalaqhala.


Iso lakho liyisibani somzimba; uma iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ugcwele ukukhanya; kepha uma lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.


Ngokuba omubi akayukuba nalo ikusasa, nesibani sezikhohlakali siyakucima.


Yebo, ukukhanya kwesikhohlakali kuyacishwa, nelangabi lomlilo waso aliyukukhanya.


Ukukhanya kuyafiphala ethendeni laso, nesibani saso siyacima phezu kwaso.


Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo.


Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade, yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu emphefumulweni wakhe:


Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite