Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 21:21 - IsiZulu 2020

21 Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ophishekela ukulunga nesihawu uthola ukuphila nokulunga nodumo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 21:21
19 Referans Kwoze  

Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Umvuzo wokuthobeka nokwesaba uSimakade wudumo, nengcebo nokuphila.


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.


Indlela yezikhohlakali iyisinengiso kuSimakade, kepha uyamthanda olandela ukulunga.


Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.


“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Ngalokho-ke masiphokophelele lezo zinto eziletha ukuthula nokwakhana.


Vivinyani konke, nibambisise okuhle.


Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


kuyokuba ngukuphila emphefumulweni wakho, nomgexo entanyeni yakho.


Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.


Umvuzo wolungileyo ungukuphila, kodwa inzuzo yezikhohlakali ingukujeziswa ngesono.


Ogxilile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi kuyakuba ngukufa kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite