Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 21:2 - IsiZulu 2020

2 Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhliziyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova uhlola izinhliziyo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 21:2
18 Referans Kwoze  

Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?


Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa.


Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamyenga, ukuze kungafunyanwa okumenza azondwe.


Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.


Abantu abaningi bazishaya abalungileyo, kodwa ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Indlela yesiwula ibukeka ilungile emehlweni aso, kepha lowo olalela iseluleko uhlakaniphile.


mangilinganiswe esilinganisweni esilungileyo, ukuze uNkulunkulu abuvume ubuqotho bami.


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.


TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite