Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 21:16 - IsiZulu 2020

16 Umuntu oweduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni labafileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni lezithunzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Umuntu oduka endleleni yokuqonda uyakuhlala ebandleni labafileyo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 21:16
20 Referans Kwoze  

Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye.


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.


Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Nani nanifile ngenxa yeziphambeko nezono zenu,


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.


Kepha ophambukayo akazi ukuthi kukhona izithunzi lapho, nokuthi izimenywa zakhe zisendleleni eya kwelabafileyo.


abadela izindlela zobuqotho, bahambe ebumnyameni.


Ogxilile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi kuyakuba ngukufa kuye.


“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.


Siyakufa ngenxa yokweswela ukuyalwa, nangenxa yobukhulu bobuwula baso, siyoduka.


Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe, kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite