Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 21:12 - IsiZulu 2020

12 Olungileyo uyayibhekisisa indlu yomubi; izikhohlakali ziqumbeka phansi, zibhubhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi; ababi bayachithelwa ebubini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Abalungileyo babona ngokuhlakanipha indlu yababi, kodwa uNkulunkulu uyabachitha ababi ngenxa yobubi babo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 21:12
20 Referans Kwoze  

Indlu yezikhohlakali iyabhujiswa, kepha ithende labaqotho liyachuma.


Kepha uNkulunkulu akathokozanga ngeningi labo, ngakho-ke izidumbu zabo zasakazwa ehlane.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Makakuqaphelisise lokhu; bawuqonde umusa kaSimakade.


Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela


Uyakwencika endlini yakhe, kepha ayiyukuma; uma ebambelela kuyo, ayiyukuqina.


Ngisibonile isiwula sisimama siba nezimpande, ngase ngiqalekisa indlu yaso ngokuphazima kweso.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iqotho, kodwa inkohlakalo iyasibhubhisa isoni.


Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.


Lapho zanda izikhohlakali, kwanda iziphambeko, kepha abalungileyo bayakubona ukuwa kwazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite