Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 21:1 - IsiZulu 2020

1 Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; Uyiphendulela lapho ethanda khona.

Gade chapit la Kopi




IzAga 21:1
26 Referans Kwoze  

Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.


Zonke izinyathelo zomuntu ziqondiswa nguSimakade; pho umuntu angayiqonda kanjani indlela yakhe na?


Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Amasu enhliziyo angawomuntu, kepha impendulo yolimi ivela kuSimakade.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele.


Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi.


Wayiguqula inhliziyo yabantu baseGibhithe, babazonda abantu bakhe, baziphatha ngobuqili izinceku zakhe.


Inkosi yathi kimi: “Ukhala ngani na?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.


Oshoyo kuwo umsinga, athi: ‘Yisha, ngiyayomisa imifula yakho;’


USimakade kweliphezulu unamandla ukwedlula ukuhlokoma kwamanzi amaningi, nokuduma kwamadlambi olwandle.


Eyesithupha yasithululela isitsha sayo emfuleni omkhulu iYufrathe, kwase kusha amanzi kuwo, ukuze kulungiswe indlela yamakhosi avela empumalanga.


Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuphenduka igazi.


Unani wena lulwandle ukuba ubaleke, nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva na?


Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva.


“Mthathe, umphathe kahle, ungezi lutho kuye oluzomlimaza, kodwa wenze lokho akutshela khona.”


Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe.


Ngendlela eyafika ngayo, iyakubuyela ngayo; ayiyukungena kulo muzi, kusho uSimakade.


Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi:


“Nakhu okushiwo nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘USimakade uNkulunkulu wasezulwini unginike yonke imibuso yomhlaba, wangiqoka ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, kwaJuda.


Ngacela nencwadi eya ku-Asafa, umqaphi wehlathi lenkosi, eyayimyala ukuba anginike izingodo zokwakha imishayo yamasango enqaba yethempeli, izingange zomuzi nezendlu engangizohlala kuyo.” Inkosi yanginika konke engakucelayo, ngokuba isandla esihle sikaNkulunkulu sasinami.


Inkosi yamthanda kakhulu ukwedlula bonke abesifazane; wafumana umusa emehlweni ayo, yamphatha kahle ukuzedlula zonke izintombi. Yamethwesa umqhele wobukhosi yamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashithi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite