Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 20:6 - IsiZulu 2020

6 Abantu abaningi bazishaya abalungileyo, kodwa ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Abantu abaningi bayakumemezela okuhle, kube yilowo nalowo, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

Gade chapit la Kopi




IzAga 20:6
16 Referans Kwoze  

Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu.


“Ngakho-ke nxa upha ompofu, ungashayi icilongo utshela abanye, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


Ngithi kini: uyakubenzela ubulungiswa ngokushesha. Ngabe iNdodana yomuntu iyokufumana yini ukukholwa emhlabeni mhla ifika na?”


Kepha wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe ejele nasekufeni.”


UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Mawutuswe ngomunye, kungabi ngowakho umlomo; kube ngumfokazi, hhayi izindebe zakho.


Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula, unjalo umuntu ozincoma ngesipho angasiphiwanga.


“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho.


UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”


UPhethro wayesethi: “Thina sishiye okungokwethu, sakulandela.”


Abathembekileyo bashabalele ezweni, akekho oqotho kubantu; bonke balala unyendle, bachithe igazi; yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.


ingqondo yami esiwucinge iphindelela, kodwa ingawufumani. Ngathola indoda eyodwa phakathi kwayinkulungwane, kodwa angimtholanga owesifazane phakathi kwakho konke lokho.


Amasu enhliziyweni yomuntu anjengamanzi ajulileyo; umuntu onokuqonda uyakhelela.


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite