Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 20:21 - IsiZulu 2020

21 Ifa elitholwe ngokuphazima kweso, aliyukuphetha ngesibusiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni, kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ifa lingatholwa ngokuphangisa ekuqaleni; kodwa ukuphela kwawo akuyikubusiswa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 20:21
13 Referans Kwoze  

Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.


Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,


Abayukukhuza yini isaga ngaye bampongoloze iculo bebhinqa benze imfumbe ngaye, omunye wathi: “ ‘Maye, kulowo owandisa okungesikho okwakhe, kuyoze kube nini na? – lowo ozethwesa umthwalo onzima ngezibambiso!


Umuntu onomona uyashesha ukuceba, kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.


Owethembekileyo uyolandelwa yizibusiso, kepha oceba ngokushesha akayukuyekwa angajeziswa.


Owandisa ingcebo ngenzalo nangenzuzo ethe xaxa, uyiqoqela onomusa kwabampofu.


Ungazikhandli ukuze ucebe; hlakanipha ngokwanele, ulinde.


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


‘Ngiyakusithumela, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami. Siyakuhlala phakathi endlini yakhe, siyishabalalise nezingodo zayo namatshe ayo.’ ”


Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyocima phakathi kwesigayegaye.


Ungasho uthi: “Ngiyakuphindisela okubi;” lindela uSimakade, uyakukusindisa.


Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elidlula njengomhwamuko nanjengezingibe zokufa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite