Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 2:8 - IsiZulu 2020

8 Uyabavikela labo abahamba ngokwendlela yezahlulelo zakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ugcina izindlela zokulunga, agcine indlela yabangcwele bakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 2:8
20 Referans Kwoze  

Uvuselela umphefumulo wami. Ungiholela ezindleleni zokulunga, ngenxa yeGama lakhe.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


olonda ukuphila kwethu, ongavumanga ukuba izinyawo zethu zishelele.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Ngihamba endleleni yokulunga, emikhondweni yobulungiswa,


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; baholelwe ngasezinyaweni zakho, bayakwemukela okwamazwi akho.


Akuyukuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyukukhuphukela khona; lokho akuyukufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.


Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe, izinyathelo zakhe aziyukushelela.


Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite