Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 2:4 - IsiZulu 2020

4 uma ukufuna njengesiliva ukufunisisa njengengcebo efihliweyo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uma ubufuna njengesiliva, ubufuna njengengcebo efihliweyo;

Gade chapit la Kopi




IzAga 2:4
20 Referans Kwoze  

“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.


Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide, nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo!


abalangazelela ukufa, kodwa kungafiki, abakufuna ukwedlula ingcebo ethukusiweyo,


“Inkosi yayibabaza induna engathembekile, ngokuba yenza ngokuhlakanipha, ngokuba abantu balesi sikhathi esizukulwaneni sabo bahlakaniphile kunabantwana bokukhanya.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha, ukuyalwa, nokuqonda, ungathengisi ngakho.


Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo.


Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.


Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho kungathi ngethabela ingcebo.


Zinxanelekile kunegolide, ngisho nenqwaba yegolide elicwengekileyo. Zimnandi ukwedlula uju oluconsa emakhekhebeni.


uma ukhala ngokuhlaziya, ulizwakalisa izwi lakho ngokuqonda;


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


Ngalolo lusuku kwafika izinceku zika-Isaka, zambikela ngomthombo ezaziwumbile, zathi: “Sithole amanzi.”


Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo, zuza ukuqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite