Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 2:22 - IsiZulu 2020

22 Kepha izikhohlakali ziyakunqunywa ezweni, nabangethembekile bayosishulwa kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kodwa ababi bayakunqunywa emhlabeni, nabaphambukayo bayonqunywa kuwo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 2:22
20 Referans Kwoze  

Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


USimakade uNkulunkulu wakho uyozixosha lezi zizwe phambi kwakho kancane kancane; awuyukwazi ukuziqeda masinyane, funa izilwane zasendle zande zibe ziningi kunani.


Olungileyo akayukuzanyazanyiswa kuze kube phakade, kepha izikhohlakali aziyukuhlala ezweni.


USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.


Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Haleluya!


bokuthi omubi uyokophulwa ngosuku lwenhlekelele, nokuthi bayaphunyuka ngosuku lwentukuthelo na?


Ababusisileyo bazodla ifa lomhlaba; abaqalekisileyo babhubhe.


Ababi bayobhubha, izitha zikaSimakade zishabalale njengobuhle bamadlelo. Ziyonyamalala njengentuthu, zishabalale.


USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’


Ukwethembeka kwabaqotho kuyabahola, kepha ubugwegwe babambuluzayo buyababhubhisa.


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


“USimakade uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakubhubhisa indlu kaJerobhowamu ngalolo lusuku, namanje.


USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,


“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite