Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 19:22 - IsiZulu 2020

22 Okulangazelelwa ngumuntu ngukuba athembeke; kungcono ukuba mpofu kunokuba ube ngumuntu wamanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe; ompofu ungcono kunomuntu wamanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Isifiso somuntu singumusa wakhe, kepha ompofu ungcono kunomuntu onamanga.

Gade chapit la Kopi




IzAga 19:22
14 Referans Kwoze  

Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


Ungcono umuntu ompofu ohamba ngobuqotho, kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


kepha uSimakade wathi kuDavide, ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo; amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.


Abafowethu bambuluzile njengomfudlana, nanjengemithonjana eshayo,


Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni; onakho uhlala enelisiwe, akehlelwa ngokubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite