Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 19:16 - IsiZulu 2020

16 Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe, kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe, kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ogcina umyalo ugcina umphefumulo wakhe; kepha odelela izindlela zakhe uyakufa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 19:16
25 Referans Kwoze  

Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”


Owedelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalelo uyakuvuzwa.


Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.


nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye.


Lapho kungekho mbono khona, abantu baba wumhlambi kazalusile, kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.


Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.


Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, okubalulekile ngukugcina imiyalo kaNkulunkulu.


Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Lowo ohlonipha umyalo akayukwehlelwa ngokubi, ingqondo yohlakaniphileyo iyasiqonda isikhathi esifanele nokwehlulela.


Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,


“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


Ngokuba ukuzwile ukukhala kwecilongo nokho akaze exwaya; igazi lakhe liyakuba kuye, ngokuba ukuba ubexwayile, ngabe uyisindisile impilo yakhe.


kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke.


Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambukileyo, kodwa ogcina umphefumulo wakhe uhambela kude nakho.


Owenqaba ukuyalwa uzedelela yena, kepha olalela ukusolwa uzuza ulwazi.


abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe.


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Umuntu oweduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni labafileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite