Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 19:12 - IsiZulu 2020

12 Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Intukuthelo yenkosi injengokubhonga kwengonyama; kepha ukuthokoza kwakhe kunjengamazolo otshanini.

Gade chapit la Kopi




IzAga 19:12
19 Referans Kwoze  

Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli, uyakuqhakaza njengomnduze, agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni.


Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.


Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.


Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Izwi lenkosi liyabusa, ngubani ongathi kuyo: “Wenzani na?”


Mayifane njengemvula otshanini, nanjengesihlambi simatisa umhlaba.


Kuthe lapho inkosi ibuya engadini yasesigodlweni, ingena endlini yedili, yafica uHamani ewele embhedeni okwakucambalele kuwo u-Esteri, yathi: “Awunamahloni okubhudukeza indlovukazi phambi kwami, esigodlweni sami pho?” Ithe ingasho lawo mazwi inkosi, abathenwa baphuthuma bemboza ubuso bukaHamani.


unjengokukhanya ekuseni, njengelanga liphuma, isibhakabhaka sicwathile, ucwazimula njengotshani emhlabathini emuva kwezimvula.’


Sengathi uNkulunkulu angakwehlisela amazolo ezulu avundise amasimu akho. Makakuphe inala yamabele neyewayini.


U-Israyeli uhleli ngokuvikeleka; umthombo kaJakobe wehlukene wodwa ezweni lokusanhlamvu nelewayini; lapho amazulu akhe econsa amazolo.


Ngokuba ungitshelile uSimakade, wathi: “Ngizobuka, ngithule ngisendaweni yami, njengokushisa kwelanga, nanjengefu lamazolo ekushiseni ngesikhathi sokuvuna.”


Kodwa indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza njengoba kwakuyaleze inkosi kubathenwa. Lokho kwayenza inkosi yathukuthela kakhulu, yabhodla umlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite