Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 19:11 - IsiZulu 2020

11 Ohlakaniphile uyephuza ukuthukuthela; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ingqondo yomuntu ibambezela ukuthukuthela; futhi kuyinkazimulo yakhe ukweqa isiphambeko.

Gade chapit la Kopi




IzAga 19:11
19 Referans Kwoze  

Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.


Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.


Isiwula sikukhombisa masinyane ukuthukuthela kwaso, kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.


Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.


Kuludumo kumuntu ukuziqhelelanisa nengxabano, kodwa zonke iziwula ziyashesha ukuphikisana.


Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi aphuze.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


I-Abhana neFariphari, imifula eseDamaseku, ayingcono yini kunawo wonke amanzi akwa-Israyeli na? Bengingegeze yini kuyo, ngihlambuluke na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.


Oyinhlebi uhamba edalula izimfihlo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.


Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla kuze kube sekugcineni.


Ungasho uthi: “Ngiyakuphindisela okubi;” lindela uSimakade, uyakukusindisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite