Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 19:1 - IsiZulu 2020

1 Ungcono umuntu ompofu ohamba ngobuqotho, kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ompofu ohamba ngobuqotho ungcono kunomlomo omubi futhi eyisiwula.

Gade chapit la Kopi




IzAga 19:1
16 Referans Kwoze  

Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho, kunocebileyo ohamba ngezindlela ezigwegwile.


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


Okuncane okuhle kanye nokulunga, kungcono kunenzuzo enkulu etholakala ngokungalungi.


Okulangazelelwa ngumuntu ngukuba athembeke; kungcono ukuba mpofu kunokuba ube ngumuntu wamanga.


Olungileyo uhamba ngobuqotho; babusisiwe abantwana bakhe.


Okuncane nje kanye nokumesaba uSimakade, kungcono kunengcebo eningi ehambisana nokukhathazeka okuningi.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


Izandla zenu zingcoliswe yigazi, neminwe yenu, yinkohlakalo; izindebe zemilomo yenu zikhulume amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.


Uphana, atshelekise ekhululekile, nozalo lwakhe luyisibusiso.


Olungileyo ungumholi womngani wakhe, kepha indlela yezikhohlakali iyazidukisa.


Kepha mina ngihamba ngobuqotho; ngikhulule, ube nomusa kimi.


Inkosi yami mayingabeki inhliziyo yayo kulo muntu okhohlakele, uNabali, ufuze igama lakhe, unjalo nje yena; nguNabali igama lakhe, uyisiwula. Kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami eyayizithumile.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


Qhela ekukhulumeni okugwegwile, dedisela kude nawe izindebe ezonakele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite