Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 18:6 - IsiZulu 2020

6 Izindebe zesiwula ziletha ingxabano, nomlomo waso uletha imivimbo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana, nomlomo waso ubiza imivimbo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Izindebe zesiwula ziyaxabana, nomlomo waso ukhale ngokushaywa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 18:6
14 Referans Kwoze  

Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kodwa ukuchukuluza kwesiwula kusinda ukwedlula kokubili.


Uma ohlakaniphileyo ephikisana nesiwula siyadlova, sihleke, kungabi bikho ukuthula.


Kungcono ukuhlala egumbini lophahla, kunokuhlala endlini nowesifazane onothuthuva.


Kuludumo kumuntu ukuziqhelelanisa nengxabano, kodwa zonke iziwula ziyashesha ukuphikisana.


Ukulahlwa kulungiselwe izedeleli, nemivimbo, umhlane weziwula.


Umuntu onolaka olukhulu wojeziswa; uma umkhulula, uyophinde akwenze lokho.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.


Emlonyeni wesiwula kuhluma ukuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.


Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.


Isiwula sikukhombisa masinyane ukuthukuthela kwaso, kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.


Xosha isedeleli, kuzophela ingxabano, ukuphikisana nehlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite