Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 18:5 - IsiZulu 2020

5 Akulungile ukwenzelela isikhohlakali, nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kakukuhle ukwamukela ubuso bomubi, ukuwisa olungileyo ekwahluleleni.

Gade chapit la Kopi




IzAga 18:5
20 Referans Kwoze  

“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.


Ukwenzelela akukuhle, kepha ngocezwana nje lwesinkwa umuntu angenza okubi.


Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Kuyoze kube nini nehlulela ngokungalungile, nenzelela izikhohlakali na? Sela


Nanka amanye amazwi okuhlakanipha: akukuhle ukubheka ubuso bomuntu lapho wehlulelwa.


Othetha ngecala isikhohlakali, nolahla ngecala olungileyo, bobabili bayisinengiso kuSimakade.


Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.


abavuna izikhohlakali ngenxa yenzuzo, bangabenzeli ubulungiswa abalungileyo!


ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Ubulungiswa bubuyiselwe emuva, nokulunga kuma le kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abukwazi ukungena.


Awuyukulilandela iningi ekwenzeni okungalungile noma lapho wethula ubufakazi ecaleni, awuyukuzihlanganisa neningi ukuze uhlanekezele umthetho.


“Awuyukubuhlanekezela ubulungiswa ngenxa yabampofu ecaleni labo.


Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.


funa baphuze bese bekhohlwa yizimiso, baguqule amalungelo abahluphekayo.


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Awuyukukhombisa ukuvuna ompofu ecaleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite