Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 18:21 - IsiZulu 2020

21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla isithelo salo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 18:21
21 Referans Kwoze  

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Umlomo wolungileyo ukhuluma ukuhlakanipha, kodwa ulimi oluphambeneyo luyanqunywa.


Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe kwakusho ngomlomo wakhe, kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.


Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyayizuza imiphefumulo.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga, kodwa ukuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.


Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?


Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Nilime inkohlakalo, navuma ukungalungi, nidle isithelo senkohliso, ngokuba nethembela endleleni yenu nasebuningini bamabutho enu.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite