Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 18:16 - IsiZulu 2020

16 Isipho somuntu simvulela iminyango, simphendlele indlela kwabakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Isipho somuntu simvulela indawo futhi simyisa phambi kwabakhulu.

Gade chapit la Kopi




IzAga 18:16
10 Referans Kwoze  

Baningi abazincengela ezikhulwini; bonke bafuna ukuba ngumngani womuntu ophanayo.


Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,


Ukufumbathisa kunjengetshe elinqabileyo emehlweni alowo okwenzayo, noma ebhekaphi uyaphumelela.


Manje-ke lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.


UJakobe wathi: “Qha, uma ngifumene umusa kuwe, samukele isipho esivela kimi, ngokuba ukubona ubuso bakho nje kufana nokubona ubuso bukaNkulunkulu, njengoba ungamukele ngomusa ongaka.


futhi niyakuthi: ‘Bheka, inceku yakho uJakobe iyeza emva kwethu,’ ” ngokuba wacabanga ukuthi: “Ngingahle ngimthobise ngalesi sipho engisiqhuba phambi kwami, kuyothi lapho ngibona ubuso bakhe, mhlawumbe angemukele.”


Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka, nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni uyayidambisa intukuthelo enkulu.


UJese wathatha imbongolo wayethwesa isinkwa, imvaba yewayini nezinyane lembuzi, wakuthumela kuSawule, ekuphathise uDavide.


Obeka udaba lwakhe kuqala kuba sengathi nguyena olungileyo, kuze kufike omunye amphenyisise.


Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Hamba uye khona; ngizakuthumela incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wahamba, wathatha amathalenta esiliva alishumi nezinhlamvu zegolide eziyizi-6 000, nezingubo ezilishumi zokuphendulela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite