Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 18:10 - IsiZulu 2020

10 Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

Gade chapit la Kopi




IzAga 18:10
29 Referans Kwoze  

UNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami ephephileyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.


uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”


Thembani kuSimakade kuze kube phakade, ngokuba unguSimakade, yebo, uSimakade uyidwala elingunaphakade.


umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa izizwe phansi kwami.


USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


“Mina ngiyiSiqalo neSiphetho,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona, owayekhona, nozayo, uSomandla.”


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.


Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.


Ngoba ubambelele kimi, ngizomhlenga, ngimvikele, ngokuba walazi iGama lami.


USimakade iNkosi, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela, enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”


Ngiyakunxusa, ngihlenge esandleni somnewethu u-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, hleze afike angihlasele mina, nabafazi bami, nezingane zami.


Ngabonakala ku-Abhrahama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uSomandla, kodwa igama lami, ‘uSimakade’ angibazisanga lona.


wathi: “USimakade uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami.


Ekumesabeni uSimakade kunethemba elinamandla; lokho kubantwana bakhe kuyakuba yisiphephelo.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo.


Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele, akweseke eseZiyoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite