Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 17:8 - IsiZulu 2020

8 Ukufumbathisa kunjengetshe elinqabileyo emehlweni alowo okwenzayo, noma ebhekaphi uyaphumelela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo: noma ebhekaphi, uyaphumelela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Isipho sinjengetshe eliyigugu emehlweni alowo onakho;

Gade chapit la Kopi




IzAga 17:8
19 Referans Kwoze  

“Awuyukwamukela ukufunjathiswa, ngokuba ukudizelwa kuyaziphuphuthekisa izikhulu, bese kuphambanisa nendlela yalabo abahamba ngokulunga.


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi, nokuthi izono zenu zinkulu kangakanani, nina enicindezela abalungileyo, nemukele umfumbathiso, nithalalise udaba lwabantulayo esangweni.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka, nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni uyayidambisa intukuthelo enkulu.


Isikhohlakali semukela umfumbathiso ofihliwe, ukuze sihlanekezele izindlela zokwehlulela.


UDavide wemukela esandleni sika-Abhigayili lokho ayemlethele khona; wayesethi kuye: “Buyela endlini, uphephile, ngikuzwile okushoyo, ngiyasemukela isicelo sakho.”


Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,


Izwi likaSimakade linamandla. Izwi likaSimakade liyinkazimulo.


Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.


Liphuma emikhawulweni yamazulu, lizungeze lize liyozilahla ekugcineni kwayo; akukho lutho olufihlakele ekushiseni kwalo.


USimakade welule isandla sakhe esezulwini, wangixhakathisa, wangidonsa, engikhipha ezikhukhuleni ezesabekayo.


Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula, ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo.


izimbuzikazi ezingama-200, nezimpongo ezingama-20, izimvukazi ezingama-200, nezinqama ezingama-20,


Izipho zamendulela, kodwa yena ngalobo busuku wasala, walala lapho babekanise khona.


Isipho somuntu simvulela iminyango, simphendlele indlela kwabakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite