Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 16:5 - IsiZulu 2020

5 Bonke abanhliziyo ezikhukhumezayo bayisinengiso kuSimakade; impela akayukuyeka ukubajezisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova; impela abayikuyekwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova;

Gade chapit la Kopi




IzAga 16:5
14 Referans Kwoze  

Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.


Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.


Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe: noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.


USimakade unenjongo ngakho konke akwenzayo, yebo, nomubi umenzele usuku lokuhlupheka.


Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.


Yizwani, nibeke indlebe, ningaziqhenyi, ngokuba uSimakade ukhulumile.


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite