Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 16:21 - IsiZulu 2020

21 Onengqondo ehlakaniphileyo ubizwa ngokuthi unokuqonda, nenkulumo emtoti yandisa imfundiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo, nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi ohlakaniphileyo, nobumnandi bezindebe bukhulisa ukufunda.

Gade chapit la Kopi




IzAga 16:21
18 Referans Kwoze  

INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.


Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.


Amafutha namakha kuyayithokozisa inhliziyo, kodwa umphefumulo udabukiswa yinhlupheko.


Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.


Izinceku zaphendula, zathi: “Akukho muntu osewake wakhuluma njengaloya muntu.”


Bonke bakhuluma kahle ngaye, bemangaliswa ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Kanti lo akasiyo yini indodana kaJosefa na?”


UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo, ngobuqotho abhale amazwi aliqiniso.


Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ihlakanipha, inhliziyo yami iyakuthokoza, yebo, eyami.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa.


Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho.


Ngokuba njengoba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke, ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kodwa ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.


Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula buyisijeziso seziwula.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Ezindebeni zalowo ocubungulayo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane walowo ongenangqondo.


Ukwenza inkohlakalo kufana nomdlalo esiwuleni, kanti umuntu ohlakaniphileyo uthokozela ukuqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite