Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 16:2 - IsiZulu 2020

2 Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe, kepha uJehova uyalinganisa imimoya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zonke izindlela zomuntu zihlanzekile emehlweni akhe; kepha uJehova uyalinganisa imimoya.

Gade chapit la Kopi




IzAga 16:2
23 Referans Kwoze  

Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhliziyo.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?


Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamyenga, ukuze kungafunyanwa okumenza azondwe.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula.


Indlela yabalungileyo iqondile, Wena Olungileyo uyenza ibe bushelelezi indlela yoqotho.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


“Kuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yiNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo ezifana nethusi elikhazimulayo, ithi:


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


Indlela yesiwula ibukeka ilungile emehlweni aso, kepha lowo olalela iseluleko uhlakaniphile.


Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kuze kube ngamahlandla amathathu na? Ngize ukuzomelana nawe ngoba le ndlela yakho oyithathile imbi, iyingozi.


Inani lalabo abawaxhaphayo, bebeke izandla emilonyeni yabo, kwakungamadoda angama-300, kepha bonke abanye baguqa phansi ngamadolo ukuba baphuze amanzi.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo muntu wayenza lokho ayekubona kulungile emehlweni akhe.


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite