Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 15:9 - IsiZulu 2020

9 Indlela yezikhohlakali iyisinengiso kuSimakade, kepha uyamthanda olandela ukulunga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Indlela yababi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda olandela ukulunga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Indlela yomubi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda ophishekela ukulunga.

Gade chapit la Kopi




IzAga 15:9
21 Referans Kwoze  

Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.


Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.


“Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona.


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.


“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo.


Indlela yabalungileyo iqondile, Wena Olungileyo uyenza ibe bushelelezi indlela yoqotho.


Indlela yonecala igwegwile, kodwa inkambo yolungileyo iqondile.


Amehlo aziqhenyayo, inhliziyo eqhoshayo, nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


Uyakukuthanda, akubusise, akwandise, abusise nesithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, okusanhlamvu kwakho, iwayini lakho, amafutha akho, inzalo yezinkomo zakho, nezimvu zakho zande ezweni afunga ngalo kokhokho bakho ukukunika lona.


ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Kunesijeziso esibuhlungu kulowo oshiya indlela; lowo ozonda ukusolwa uyakufa.


Abazigqajayo abayukuma phambi kwamehlo akho. Uyabazonda bonke abenza okubi.


Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite