Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 15:7 - IsiZulu 2020

7 Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izindebe zabahlakaniphileyo zisakaza ukwazi, kepha inhliziyo yeziwula ayikwenzi lokho.

Gade chapit la Kopi




IzAga 15:7
25 Referans Kwoze  

Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.


Izindebe zomlomo wakho ziconsa njengamakhekheba ezinyosi; makoti wami, uju nobisi kungaphansi kolimi lwakho, iphunga lezingubo zakho linjengephunga laseLebhanoni.


Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo zomlomo wakho.


Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.


Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye.


Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Indlu yolungileyo igcwele ingcebo eningi, kepha enzuzweni yezikhohlakali kukhona ukuhlupheka.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Amasu nokwazi makukugcine, khona kuyakulonda izindebe zakho.


Inhliziyo yohlakaniphileyo inikeza ukuqonda okujulile kokhulumayo, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.


Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile inamathela kokuhle, kodwa inhliziyo yesiwula ibheka kwesobunxele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite