Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 15:25 - IsiZulu 2020

25 USimakade uyayisiphula indlu yabazidlayo, kodwa uyayiqinisa indawo yomfelokazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula, kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJehova uyakuchitha indlu yabazidlayo, kepha aqinise imikhawulo yomfelokazi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 15:25
20 Referans Kwoze  

USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.


Ungasusi isikhonkwane esidala, ungangeni emasimini ezintandane,


Indlu yezikhohlakali iyabhujiswa, kepha ithende labaqotho liyachuma.


Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya, kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Nakuba uSimakade ephakeme, uyamnakekela ophansi; ozidlayo umazi ekude.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela


“Awuyukuwugudlula umngcele kamakhelwane wakho owamiswa ngokhokho, ukuba ube yindawo yefa lakho oyakulidla ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.”


We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Amacebo omubi ayisinengiso kuSimakade, kepha amazwi amnene ayamenamisa.


Balimaza oyinyumba, abakwenzi okuhle kumfelokazi.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi.


Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite