Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 14:3 - IsiZulu 2020

3 Emlonyeni wesiwula kuhluma ukuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Emlonyeni weziwula kukhona induku yokuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

Gade chapit la Kopi




IzAga 14:3
21 Referans Kwoze  

Amazwi ezikhohlakali aqamekela ukuchitha igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabahlenga.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Ngafuna ukwazi kabanzi nangezimpondo ezilishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuzigqaja, olwalubukeka lulukhulu kunezinye.


Umuntu ozazisayo udala ingxabano, kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.


Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.


Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.


Izindebe zesiwula ziletha ingxabano, nomlomo waso uletha imivimbo.


Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa.


Uyakukufihla olimini oluhlabayo, awuyukwesaba ukubhubha lapho kufika.


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


Lapho kungenazinkomo khona umkhombe awunalutho, kepha isivuno esikhulu siba khona ngenxa yamandla ezinkabi.


Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe; uphoshozwayo uyobhubha.


Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite