Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 14:16 - IsiZulu 2020

16 Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki lutho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Umuntu ohlakaniphileyo uyesaba, abaleke ebubini, kepha isiwula siyafutheka, sinesibindi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 14:16
27 Referans Kwoze  

Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.


Dedani kulo lonke uhlobo lobubi.


Uma ohlakaniphileyo ephikisana nesiwula siyadlova, sihleke, kungabi bikho ukuthula.


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.


Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.


Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.


U-Esawu wathi kuye: “Nginokwanele mnawami, zigcinele wena imfuyo yakho.”


Iyamlandela masinyane njengenkabi iya ekuhlatshweni nanjengenyamazane ingena esihibeni;


Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho.


Wathi: “Uma bephumele ukuthula, babambeni bephila, noma bephumele ukulwa, babambeni bephila.”


UJezebheli wayesethumela isithunywa ku-Eliya, ethi: “Sengathi onkulunkulu bami bangenza kanjalo kimi, futhi benezele, uma nje ngalesi sikhathi kusasa ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo.”


Abanye babaFarisi ababekhona lapho bakuzwa lokho, base bethi kuye: “Pho nathi siyizimpumputhe yini na?”


Siwuvula nje umlomo waso sikhuluma ubuwula, kuthi ekugcineni inkulumo yaso ibe ngukuhlanya okubi.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele.


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


Ongenalwazi ukholwa yikho konke, kodwa ohlakaniphileyo uyaziqaphela izinyathelo zakhe.


Umuntu onesififane wenza ubuwula, nomuntu onamacebo amabi uyazondwa.


Lapho imbongolo iyibona ingelosi kaSimakade, yalala phansi kwacindezeleka uBhileyamu egibele kuyo, wathukuthela kakhulu, wayibhonya ngenduku yakhe imbongolo.


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite