Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 14:10 - IsiZulu 2020

10 Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo, kodwa umfokazi akanakuhlanganyela entokozweni yayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Inhliziyo iyakwazi umunyu wayo; nomfokazi akamxubi nenjabulo yakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 14:10
20 Referans Kwoze  

Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.


Umoya womuntu uyabumela ubuthakathaka bakhe, kodwa ngubani ongathwala umoya odabukileyo na?


Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso buchachambe, kodwa ngosizi olusenhliziyweni umoya uyephuka.


“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


“Angiyukunishiya niyizintandane, kodwa ngiyakubuya ngize kini;


“Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami.


Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu.


“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe.


Akangivumeli ukuba ngiphefumule, kepha ungigcwalisa ngomunyu.


Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wabamba izinyawo zakhe. UGehazi wasondela ukuba amxoshe, kodwa umuntu kaNkulunkulu wathi: “Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe inomunyu; uSimakade ungifihlele lokho, akangitshelanga.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Base behlanganisa amakhanda, bavumelana bathi: “Impela sinecala ngomfowethu, salubona usizi enhliziyweni yakhe, esincenga ukuba simhawukele, kodwa asimlalelanga, yingakho sivelelwa yinkathazo enje.”


Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engakaze adle okuhle.


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite