Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 13:8 - IsiZulu 2020

8 Inhlawulo yokuphila komuntu yingcebo yakhe, kepha ompofu akalaleli ekhuzwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe, kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Isihlengo sokuphila komuntu siyingcebo yakhe, kepha ompofu akalaleli ukusolwa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 13:8
15 Referans Kwoze  

Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.


Kepha ngiyakushiya kuwe abantu abahluphekileyo nabampofu; bayakukhosela egameni likaSimakade.


Kepha kwakukhona amadoda alishumi phakathi kwawo, athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali, ngokuba emasimini ethu sinengcebo kakolo, ibhali, amafutha, noju.” Wayesewayeka, wangawabulala nabafowabo.


UNebuzaradani, induna yabalindi, wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngalolo lusuku.


Ayiyukufuna nhlawulo; ayiyukukwemukela ukufunjathiswa.


Kepha ababempofu balelo lizwe, induna yabalindi yabashiya ukuba banakekele izivini namasimu.


Yathumba lonke iJerusalema, zonke izikhulu, wonke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizi-10 000, izingcweti nabakhandi, ayishiyanga muntu, ngaphandle kwalabo bezwe ababedla imbuya ngothi.


Kepha uma umniniyo ehlawulisiwe, uyakukhokha leyo nhlawulo emisiweyo ngalowo obulewe.


Kukhona ozishaya inkinsela kodwa engenalutho, nozishaya ompofu ebe ecebe kakhulu.


Ukukhanya kwabalungileyo kukhanya bha, kepha izibani zezikhohlakali ziyacima.


Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo, umgexo weziwula ungubuwula.


Ngokuba ukuphila kubalulekile kunokudla, nomzimba kunesembatho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite