Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 13:5 - IsiZulu 2020

5 Olungileyo uyawazonda amazwi angamanga, kodwa isikhohlakali sidala amahloni nehlazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Olungileyo uyazonda amazwi amanga, kepha omubi ubanga amahloni, ahlazise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Olungileyo uyawazonda amanga, kepha omubi uyisinengiso, uhlazeka.

Gade chapit la Kopi




IzAga 13:5
16 Referans Kwoze  

Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;


Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.


Abahlakaniphileyo bayozuza udumo, kepha iziwula ziyothelwa ngehlazo.


Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho.


Niyakuzikhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, nizenyanye nina uqobo, ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


Niyakukhumbula izindlela zenu nazo zonke izenzo zenu enizingcolise ngazo, nenyanye ubuso benu ngakho konke okubi enikwenzileyo.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.


Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubuphofu noma ingcebo, kepha ngiphe isinkwa esinganeleyo,


Ngamehlo azidlayo, ulimi lwamanga, izandla ezichitha igazi elingenacala;


Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.


isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda; isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula.


Wathi kuye: “Uma bengibopha ngezintambo ezintsha ezingakaze zisetshenziswe, khona ngiyoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”


Lapho kufika onenkohlakalo kuza nokwedelela, kanye nehlazo nokuhlazeka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite