Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 13:16 - IsiZulu 2020

16 Bonke abahlakaniphileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sisabalalisa ubuwula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bonke abahlakaniphileyo benza ngokwazi, kepha isiwula sivula ubuwula baso.

Gade chapit la Kopi




IzAga 13:16
16 Referans Kwoze  

Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


Bheka, inceku yami iyoba nempumelelo; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.


Ngisho sihamba emgwaqweni isiwula siveza ubuwula baso, sitshela bonke ukuthi sona siyisiwula.


Ngokuba njengoba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke, ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kodwa ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.


Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.


Inkosi yami mayingabeki inhliziyo yayo kulo muntu okhohlakele, uNabali, ufuze igama lakhe, unjalo nje yena; nguNabali igama lakhe, uyisiwula. Kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami eyayizithumile.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


Isiwula asithokozi ngokuqonda, kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yaso.


Ukuhlakanipha kuhlala enhliziyweni yonokuqonda, kodwa eziwuleni, akwaziwa.


Siwuvula nje umlomo waso sikhuluma ubuwula, kuthi ekugcineni inkulumo yaso ibe ngukuhlanya okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite