Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 13:13 - IsiZulu 2020

13 Owedelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalelo uyakuvuzwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Odelela izwi uyakubhujiswa; kepha owesaba umyalo uyakuvuzwa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 13:13
26 Referans Kwoze  

ngokuba wedelele izwi likaSimakade, wephula umyalo wakhe, lowo muntu uyonqunywa ngokuphelele, icala lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.


Ngazo, ngisho inceku yakho iyexwayiswa. Ukuzigcina kunomvuzo omkhulu.


ngokuba bazilahla izehlulelo zami, abahambanga ngezimiso zami, bawangcolisa amasabatha ami, ngokuba izinhliziyo zabo zalandela izithombe zabo.


Ngokuba abazenzanga izehlulelo zami, bazilahla izimiso zami, bawangcolisa amasabatha ami, amehlo abo alangazelela izithombe zoyise.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


Ingozi ilandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.


Anizinakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga ukusola kwami.


USimakade uzobabusisa abamesabayo, abancane nabadala.


“Kepha u-Abhrahama wathi kuso: ‘Uma bengakulaleli okushiwo nguMose nabaphrofethi, abayukuzwa, noma kungavuka umuntu kwabafileyo.’ ”


Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.


Jabulani, nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaphrofethi abanenduleleyo.”


u-Azariya indodana kaHoshayiya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abazigqajayo, bathi kuJeremiya: “Uqamba amanga. USimakade uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba, uthi: ‘Ningahambi niyogogobala eGibhithe,’


Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.


Lezo zinceku zikaFaro ezazilesaba izwi likaSimakade zaphuthuma zafaka izigqila zazo, nemfuyo yazo endaweni ephephileyo.


Ithemba elingakagcwaliseki ligulisa inhliziyo; isifiso esiphumelele singumuthi wokuphila.


Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe, kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.


Ngubani owazi amaphutha akhe na? Ngithethelele eziphosisweni ezisithekileyo.


Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle, ubusisiwe owethembela kuSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite