Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 13:10 - IsiZulu 2020

10 Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuzigqaja kuvela ukuxabana kuphela, kodwa kwabahlakaniphileyo kukhona ukuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi




IzAga 13:10
23 Referans Kwoze  

Yizwa iseluleko, wemukele ukuqondiswa, ukuze ekugcineni uhlakaniphe.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Akuveli yini ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?


esekhukhumele, ebe engaqondi lutho, enelukuluku lokuphikisana nokuba nengxabano okuvela kukho umona, umbango, ukuhlambalaza, ukudlinza okubi,


Kwaqubuka nempikiswano yokuthi ngubani phakathi kwabo okungathiwa mkhulu.


Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?


Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.


Amacebo wonke aqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu aphusile.


Umnqobile impela u-Edomi; inhliziyo yakho isiqhoshile; dumiseka ngalokho, uhlale ekhaya. Kungani ufuna uthuthuva, bese uwa, wena noJuda wonkana na?”


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Bonke abakubonayo lokhu bathi: “Lokhu kakukaze kwenzeke futhi akuzange kubonwe kusukela ngosuku abantu bakwa-Israyeli abakhuphuka ngalo eGibhithe kuze kube namhlanje. Zindlani ngakho, nelulekane, nibonisane ukuthi kwenziwenjani.”


Ukukhanya kwabalungileyo kukhanya bha, kepha izibani zezikhohlakali ziyacima.


Ingcebo etholakala kalula iyancipha, kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.


Umuntu ozazisayo udala ingxabano, kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite