Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:8 - IsiZulu 2020

8 Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe, kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umuntu uyakudunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha onenhliziyo embi uyadelelwa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:8
24 Referans Kwoze  

Ngokuba akusiye lowo ozincomayo okufanele amukelwe, kodwa yilowo iNkosi emncomayo.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


“Inkosi yayibabaza induna engathembekile, ngokuba yenza ngokuhlakanipha, ngokuba abantu balesi sikhathi esizukulwaneni sabo bahlakaniphile kunabantwana bokukhanya.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Siyakufa ngenxa yokweswela ukuyalwa, nangenxa yobukhulu bobuwula baso, siyoduka.


Abahlakaniphileyo bayozuza udumo, kepha iziwula ziyothelwa ngehlazo.


Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.


Izitha zalo ngiyozithela ngehlazo, kepha kuye, umqhele wakhe uyokhazimula.”


UFaro wayesethi kuJosefa: “Njengalokhu uNkulunkulu ekwambulele konke lokhu, akekho omunye okwazi ukuhlaziya izinto nohlakaniphe njengawe.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.


Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”


USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade,


Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.


Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya, kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.


Kungcono ukuba ngodelelekile kodwa ube nenceku, kunokuba ngoziqhakambisayo ube weswele ukudla.


Umuntu ongethembekile uyisinengiso kwabalungileyo, nohamba ngobuqotho uyisinengiso kokhohlakele.


USimakade uthelile phakathi kwalo umoya wokudideka, balenze iGibhithe ladiyazela kukho konke elikwenzayo, njengesidakwa sididizela ebuhlanzweni baso.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite