Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:6 - IsiZulu 2020

6 Amazwi ezikhohlakali aqamekela ukuchitha igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabahlenga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Amazwi ababi aqamekela igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabophula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Amazwi ababi afuna igazi, kodwa umlomo wabaqotho uyabasindisa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:6
12 Referans Kwoze  

Emlonyeni wesiwula kuhluma ukuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.


“Ababi bafunyanwa phakathi kwabantu bami, bayaqamekela njengabacupha inyoni, babeke ugibe, ukuba babambe abantu.


Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.


Ngakho-ke manje, nina kanye nomkhandlu yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nihlose ukuhlolisisa udaba lwakhe; thina-ke sikulungele ukumbulala engakasondeli.”


becela umusa kuye ukuba ambizele eJerusalema uPawula; base bakhe uzungu lokumbulala endleleni.


Kwathi kungasa, abaJuda benza itulo, bazibophezela ukuthi abasoze badla futhi baphuze lutho bengakambulali uPawula.


Amacebo abalungileyo angubulungiswa, kepha izeluleko zababi ziyinkohliso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite