Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:5 - IsiZulu 2020

5 Amacebo abalungileyo angubulungiswa, kepha izeluleko zababi ziyinkohliso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Imicabango yabalungileyo ingeyokwahlulela, kepha iziluleko zababi ziyinkohliso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Imicabango yabalungileyo ilungile, kodwa iseluleko sababi siyinkohliso.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:5
20 Referans Kwoze  

Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami,


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, futhi asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kodwa ngokuveza obala iqiniso, sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Bakha uzungu lokuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.


Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.


Ukuceba ubuwula kuyisono, nobhinqayo uyisinengiso kubantu.


Abalungileyo bafisa okuhle kodwa; ithemba lezikhohlakali wulaka.


Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho.


Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kumyeni wakhe, kepha ohlazisayo ufana nokubola emathanjeni omyeni wakhe.


Amazwi ezikhohlakali aqamekela ukuchitha igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabahlenga.


Ukuhlakanipha koqondayo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe, abalikhulumi iqiniso; ulimi lwabo balufundise ukukhuluma inkohliso, bazikhathaza ngokwenza okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite