Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:22 - IsiZulu 2020

22 Izindebe ezikhuluma amanga ziyisinengiso kuSimakade, kodwa abenza iqiniso bayintokozo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova, kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova, kepha abenza iqiniso uyintokozo yakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:22
14 Referans Kwoze  

Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Abanezinhliziyo eziphambeneyo bayisinengiso kuSimakade, kodwa abahamba ngezindlela ezimsulwa bayintokozo kuye.


Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu, ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi ukuthi nginguSimakade owenza umusa, ubulungiswa nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngalezi zinto,” kusho uSimakade.


Impunga nophakemeyo bayikhanda, umphrofethi ofundisa ngamanga ungumsila.


Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuSimakade, kepha isisindo esiyiso siyintokozo kuye.


Ngokuba nidabukise inhliziyo yolungileyo ngamanga; Mina angizange ngimdabukise; niqinise izandla zezikhohlakali ukuze zingaphenduki endleleni yazo embi, zisindiswe.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Umphrofethi wayesethi kuye: “Nami ngingumphrofethi njengawe, kodwa kukhulume ingelosi kaNkulunkulu, yathi: ‘Mbuyise nawe, eze endlini yakho ukuze athole isinkwa, aphuze namanzi.’ ” Kepha umphrofethi wayeqamba amanga.


Simakade, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.


Izindebe ezinobugagu azisifanele isiwula; kakhulu kangakanani-ke izindebe zenkohliso kumuntu ohloniphekileyo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite