Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:18 - IsiZulu 2020

18 Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bakhona abakhuluma njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luphilile.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:18
17 Referans Kwoze  

Amazwi amnene anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, angukuphila emathanjeni.


Ulimi oluphilisayo lungumuthi wokuphila, kepha olobuqili luyawephula umoya.


Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,


“Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi, kepha bayakuwa ngenkemba, ngelangabi, ngokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.


Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe, ufana nesando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.


Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.


Isithunywa esikhohlakele siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siletha ukuphila.


ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo, nempilo emzimbeni wonke.


abalola ulimi lwabo njengenkemba, bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo,


Phakathi komgwaqo wawo nomfula kuleli cala, ngakwelinye kukhona umuthi wokuphila, owawuthela izithelo ezili-12, izithelo zawo uzithela nyanga zonke, amacembe omuthi angawokuphilisa izizwe.


Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha.


Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”


Okhuluma ukwethembeka umemezela ukulunga, kepha ufakazi wamanga ukhuluma inkohliso.


Phakama, Nkulunkulu phezu kwezulu, inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite