Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:16 - IsiZulu 2020

16 Isiwula sikukhombisa masinyane ukuthukuthela kwaso, kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku, kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ulaka lwesiwula seluyaziwa, kodwa umuntu oqondileyo uyasibekela ihlazo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:16
12 Referans Kwoze  

Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla kuze kube sekugcineni.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


Inzondo ibanga ingxabano, kodwa uthando lusibekela zonke iziphambeko.


Osibekela isiphambeko ufuna uthando, kepha olulandelayo udaba udalula imfihlo, wehlukanisa abangani abasondelene.


Umuntu ongakwazi ukuzithiba, ufana nomuzi odiliziwe, ongasenalo ugange.


Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula buyisijeziso seziwula.


Ukuhlakanipha kuhlala enhliziyweni yonokuqonda, kodwa eziwuleni, akwaziwa.


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Okhuluma ukwethembeka umemezela ukulunga, kepha ufakazi wamanga ukhuluma inkohliso.


Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kodwa ukuchukuluza kwesiwula kusinda ukwedlula kokubili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite