Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 12:15 - IsiZulu 2020

15 Indlela yesiwula ibukeka ilungile emehlweni aso, kepha lowo olalela iseluleko uhlakaniphile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, kodwa olalela iseluleko uhlakaniphile.

Gade chapit la Kopi




IzAga 12:15
19 Referans Kwoze  

Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.


Yizwa iseluleko, wemukele ukuqondiswa, ukuze ekugcineni uhlakaniphe.


Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


ukunikeza ukuqonda izaga nezisho ezifihlakele, izisho zabahlakaniphe kakhulu neziphicaphicwano zabo,


Kunethemba ngesiwula kunozibona ehlakaniphile emehlweni akhe.


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.


Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.


Yala ohlakaniphileyo, uzohlakanipha kakhulu; ufundise olungileyo, uzothuthuka ngokuqonda.


Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhliziyo.


UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso.


Ocebileyo uhlakaniphile emehlweni akhe, kodwa ompofu onokuqonda uyamhlolisisa, ambone.


Ungcono umuntu osemusha oswele kodwa ohlakaniphile, kunenkosi endala eyisiwula, engasemukeli iseluleko.


Ivila lihlakaniphile emehlweni alo, kunabayisikhombisa abakhuluma okuhluzekile.


Indodana ehlakaniphile iyayalwa nguyise, kodwa isedeleli asilaleli lapho sikhuzwa.


Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite