Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:6 - IsiZulu 2020

6 Ukulunga kuyabasindisa abaqotho, kodwa abanobuqili bayobhajwa ezinkanukweni zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ukulunga kwabaqotho kuyabophula, kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukulunga kwabaqotho kuyabasindisa, kepha abaphambukayo bayakubanjwa yinkani yabo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:6
11 Referans Kwoze  

Umuntu ombela omunye umgodi uyokhalakathela kuwo; nalowo odiliza udonga uyolunywa yinyoka.


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Inkosi yabuye yathi kuShimeyi: “Wena ukwazi kahle konke okubi okusenhliziyweni yakho owakwenza kuDavide, ubaba, ngakho-ke uSimakade uyakuphindisela ububi bakho phezu kwakho.


Njengalokhu usupeketule yonke impahla yami nje, utholeni-ke olungolwakho na? Lubeke lapha phambi kwezihlobo zethu, zona zehlulele phakathi kwethu.


Ubuqotho bami buzongifakazela ngomuso lapho usufika uzohlola iholo ongikhokhele lona. Leso silwane oyosithola kimi singemabhadubhadu, futhi singemabalabala ezimbuzini, nesingemnyama ezimvini zami, kuyoba ngisebile.”


Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele.


Abezizwe baphonseke phansi emgodini abawumbileyo, unyawo lwabo lwabhajwa enethini abangifihlele lona.


Ukukhuluma komuntu ongenabunkulunkulu kuyambulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bakhululwa ngolwazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite