Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:5 - IsiZulu 2020

5 Ukulunga komsulwa kuyayiqondisa indlela yakhe, kodwa isikhohlakali siyowiswa yinkohlakalo yaso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukulunga kopheleleyo kuyakuqondisa indlela yakhe, kodwa omubi uyakuwa ngobubi bakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:5
19 Referans Kwoze  

Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Ukwethembeka kwabaqotho kuyabahola, kepha ubugwegwe babambuluzayo buyababhubhisa.


Mazise Yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.


Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.


Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele.


Umuntu akanakuma ngenkohlakalo, kepha impande yabalungileyo ayiyukunyakaziswa.


Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso, kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.


Izinyathelo zaso ezinamandla ziyafinyezwa, namasu aso asiqumbe phansi.


Laba baqamekela elabo igazi, balala unyendle belalela impilo yabo.


Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iqotho, kodwa inkohlakalo iyasibhubhisa isoni.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Indlela yevila injengothango lwameva, kodwa umkhondo wabakhutheleyo unjengomgwaqo ohlelembelekile.


Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.


Indlela yabalungileyo iqondile, Wena Olungileyo uyenza ibe bushelelezi indlela yoqotho.


Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza phambi kwakhe, u-Israyeli no-Efrayimi bayakukhutshwa yizenzo zabo ezimbi, noJuda uyakhutshwa kanye nabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite