Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:4 - IsiZulu 2020

4 Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inotho ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kophula ekufeni.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:4
15 Referans Kwoze  

Ingcebo yenkohlakalo ayisizi ngalutho, kodwa ukuziphatha ngokulunga kukhulula ekufeni.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane.


Isiliva labo bayoliphonsa emigwaqweni, igolide labo libe yinto engcolileyo. Isiliva negolide labo akuyukubasindisa ngosuku lwentukuthelo kaSimakade. Iphango labo abayukulisuthisa, nezibilini zabo abayukuzigcwalisa, ngokuba ububi babo sebuphenduke isikhubekiso sabo.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, kusobala-ke ukuthi abemukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga, bayakubusa ekuphileni ngalowo oyedwa zwi, uJesu Khristu.


Endleleni yokulunga kunokuphila, emikhondweni yakho akukho ukufa.


Ngokuba isikhwele sivusa ulaka endodeni yakhe, uma isiziphindiselela ngeke ibe nasihawu.


Ifa lendlu yakhe liyoshabalala, linyamalale ngosuku lwentukuthelo kaNkulunkulu.


Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?


Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite