Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:13 - IsiZulu 2020

13 Oyinhlebi uhamba edalula izimfihlo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Olahlwayo uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayifihla indaba.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:13
14 Referans Kwoze  

Ohamba encetheza wambula izimfihlo; ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.


Khuluma udaba lwakho nomakhelwane wakho, ungayidaluli imfihlo yomunye,


“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.


Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.


Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.”


Zonke izikhulu zafika kuJeremiya, zambuza. Wazitshela wonke lawo mazwi njengalokhu inkosi yayimyalile. Zathula-ke, zasuka kuye, alwaze lwaziwa udaba.


Ufakazi weqiniso akawaqambi amanga, kodwa ufakazi wamanga uphafuza inkohliso.


Kodwa uma uluxoxa lolu daba lwethu, thina siyobe sesikhululekile kulesi sifungo osifungise sona.”


Umuntu owedelela umakhelwange wakhe akanakuhlakanipha, kodwa onengqondo uyazithulela.


Umuntu ohlakaniphileyo uyalufihla ulwazi, kepha izinhliziyo zeziwula ziphafuza ubuwula.


Ohlakaniphile uyephuza ukuthukuthela; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.


Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite